Nginsundu, ubunsundu bami abuhleli esikhunjeni nasebaleni lami kuphela. Lokhu kuyinto, ngokuhamba kwesikhathi, esengiyibonile futhi ngayamukela. Kuleli dolojana engihlala kulo lapha eJalimani yimi ngedwa umuntu onsundu futhi wendabuko yase-Afrika. Ukuhamba kwami nokuhlala kwami lapha kuyinto okuphungwa ngayo itiye, impela ngisho noma ngingaphunyuka , isishiphi sami sizwakala idolobha lonke.
Akekho lapha ongathi ekanendaba nobukhona kwami kulelidolobha. Izingane ezincane uzibona zingigqolozela emehlweni, phela eziningi azikaze zize zimubone umuntu onsundu. Noma abazali bazoqweba izingane bazikhombise mina emabhasini. Lokhu kuyangijabulisa ngoba phela umthente uhlaba usamila, lezi zingane seziyokhula zazi ukuthi umhlaba awugwele abantu abafana nazo nje kuphela, kukhona nabanya abantu bobuhle obuhlukile.
Ingwe idla ngamabala! Ungabona lapho ngime emarobhothini ngilinde ilambu elihlaza, abashayeli ubabona bethe njo lapha kimi, impela baze baphuthwe irobhothi elihlaza.
Uthi ungacabanga, uma ngibingela abantu abadala ngizazisa, uzwa sekuyibo abangitshelayo igama lami nokuthi ngihlalaphi, ngiqhamukaphi.
Noma ngingazama ukuzikhohlisa, noma ngingalukhuluma ngize ngilukhiphe ngamakhala ulimi lwalana, ubunsundu bami, lobu obujiyile esikhunjeni sami, lobu obulotshiwe emlandweni wami, yebo ngisho lobu bunsundu obungilandelayo zinsuku zonke noma ngabe ngikuphi angisoze ngabubabekela buyincazelo yami.
Lebohang Dube
EJalimani
Did you bring your Nqolobane along with you? lol, Lovely stuff MfokaDube! Impela uMrs Xaba wawenza owakhe umsebenzi lol
ReplyDeletep.s aswell as you impicabandala..germans love those kinds of books I tell you.
ReplyDeleteThank you guys..I didn't bring any book with! Next time!
ReplyDelete